Articles

Kusekude phambili kubantu abamnyama

Kulesi siqephu seSolezwe uNhlanhla Mtaka uphawula ngohlelo lokufukula abamnyama emnothweni, i-BEE.

NAMHLANJE ngifisa ukuthi sikhulume. Inkulumo engicabanga ukuthi ibaluleke kakhulu yize noma abanye bethu beyibalekela. Ziningana izizathu ezenza abantu balubalekele lolu daba, esinye sazo yileso sokuthi sisuke sikhuluma ngathi uqobo. Lapha nina beMbube, ngifisa sikhulume ngodaba oluthinta abamnyama nezomnotho. Kepha ake ngiqale ngilungise udaba lwabantu abamnyama engikhuluma ngabo ngoba phela wonke umuntu usabamnyama muva nje.

KwaNomajalimane ngifundiswe ukuthi uma ngikhuluma ngomuntu omnyama, ngikhuluma ngalabo bantu abangakwazi ukuba ngokunye ngaphambi kokuba ngabantu abamnyama abangumsinsi wokuzimilela lapha kwelakithi lase-Afrika. Ngakho-ke ngiyafisa kungabinakungabaza ukuthi ngikhuluma ngobani. Kukaningi sizwa abantu bekhuluma ngento okuthiwa yi-Black Economic Empowerment (BEE) phecelezi ukuthuthukiswa kwabamnyama kwezomnotho.

Kuyishwa ukuthi lolu hlelo eminyakeni engaphezu kweshurni lwaphakanyiswa alukasebenzi ngokwanele. Lokhu ngikusho ngazi kamhlophe ukuthi uhulumeni wethu ekuphakamiserii lo mthetho wayenezinhloso ezinhle zokubona ababecindezelwe bethuthuka.

BAKHONA phakathi kwethu abazothi ngoba bebona abantu abamnyama sebethola amathenda noma benamaphepha obunikazi bezinkampani bacabange ukuthi uma ngithi lolu hlelo alusebenzi, bathi ngiyahhuma nje. Bakithi asikuqondisise ukuthi ukuphatha umnotho akusho ukuphila ngezikweletu. Iningi labantu obabona benamathenda nezimoto zikanokusho lizungezwe yizikweletu eziyinqaba. Empeleni izikweletu zabo zidlula inzuzo abayitholayo. Izibalo ziyatshengisa ukuthi eminyakeni engaphezu kweshumi sakhululeka, isibalo sabamnyama nezinkampani zabo eziphethe umnotho asikakafiki ngisho emaphesentini amabili. Ziningana izizathu ezenza lolu hlelo lungabi yimpumelela okwamanje. Esokuqala yileso sikahulumeni sokungafuni ukuphumela obala asho ukuthi ngobani laba bantu abamnyama afuna ukubathuthukisa. Kukaningi sibona nabanye abebengafuni ukubizwa ngabamnyama eminyakeni eyedlule sebehlomula kulolu hlelo.

Eqinisweni okwamanje lolu hlelo lusazuzisa bona ukudlula abangumsinsi kuleli. Isizathu sesibili ngamabhange angafuni ukunika abomsinsi imali. Angazi noma uke uye yini ukuyoboleka imali emabhange? Esikhathini esiningi lokho kungukuchitha isikhathi nje ngoba ekugcineni zimbili izinto ezenzekayo. Eyokuqala ukuthi bathi abakwazi ukukunika imali ngoba awunayo into ongabambisa ngayo. Abelungu namaNdiya bayakwazi ukubambisa ngezindlu zabo kepha wena awukwazi ukubambisa ngendlu yakho noma yakini eselokishini noma emakhaya.

Noma okulandelayo bathi bazokunika imali kepha hhayi le oyifunayo! Kungumbono wami nengicabanga ukuthi ngumbono weningi ukuthi singakabhekani nale migoqo esengiyibalulile akukho lapho sizoya khona. Okuhle nje esingakwenza ukuhlale sikhuluma ngayo iBlack Economic Empowerment.

 

Share via email